Page 6 - Zulu Grade 12
        P. 6
     Dube:                 Dumazile, kwenzenjani?  Niwenza kanjani umsindo nazi kahle
                                         kamhlophe ukuthi abantu bakwaZitha bangafika noma kunini
                                         kusukela manje.
                   Dumazile:             Inkinga yileyo baba.  Njengoba ngishilo nje, angizukwazi
                                         ukushada uSibaya.  Okokuqala, angimthandi kanti okwesibili
                                         angimazi ukuthi ungumuntu onjani.  Ukuthi sikhule sonke
                                         akusho ukuthi sengiyamazi futhi usengaba ngumkhwenyana
                                         wami.  Ngithanda uDirk futhi ngizimisele ukumshada baba.
                   Dube:                 Hhayi-ke, ngigeza izandla ndodakazi yami.  Usemile kulowo
                                         mqondo?  Bengicabanga ukuthi uzowushintsha emva
                                         kwezingxoxo esibe nazo ngaphambilini.  Kodwa uma uqinisile
                                         ngalokho okushoyo, kulungile ndodakazi, asikwazi
                                         ukukuphoqelela entweni ongayifuni.  Into nje ukuthi umndeni
                                         wakwaZitha siyawazi.  Yingakho sibone ukuthi …
                   MaMhlongo:            Uthi ngikuzwa kahle nje Dube?  Uvumelana noDumazile?
                                         Wazini uDumazile ngothando?  Umlungu ungumdwebi, kahle
                                         Dube ukwedukisa ingane.  Ngempela ngubani impumputhe
                                         lapha?
                   Dube:                 MaMhlongo, asikwazi ukuphoqelela ingane entweni
                                         engayifuni.  Yimpilo yakhe le.  Uma efuna ukuchitha impilo
                                         yakhe noDirk, singobani thina ukumkhethela?  Cha nkosikazi,
                                         angivumelani nawe kulokho.  Sizamile ukumeluleka kodwa
                                         ekugcineni, isinqumo ngesakhe.
                   Amagama:              humusha:                    Amagama:              humusha:
                   -xabana       _________________                   -khula         _______________
                   -hlazisa      _________________                   - zwisisa      _______________
                   -hlonipha     _________________                   -belesela      _______________
                   ukuzithoba    _________________                   -hlupheka      _______________
                   -sanganisa    _________________                   ilobolo        _______________
                   Amagama:              humusha:                    Amagama:              humusha:
                                                            5





