Page 6 - Zulu Grade 12
P. 6
Dube: Dumazile, kwenzenjani? Niwenza kanjani umsindo nazi kahle
kamhlophe ukuthi abantu bakwaZitha bangafika noma kunini
kusukela manje.
Dumazile: Inkinga yileyo baba. Njengoba ngishilo nje, angizukwazi
ukushada uSibaya. Okokuqala, angimthandi kanti okwesibili
angimazi ukuthi ungumuntu onjani. Ukuthi sikhule sonke
akusho ukuthi sengiyamazi futhi usengaba ngumkhwenyana
wami. Ngithanda uDirk futhi ngizimisele ukumshada baba.
Dube: Hhayi-ke, ngigeza izandla ndodakazi yami. Usemile kulowo
mqondo? Bengicabanga ukuthi uzowushintsha emva
kwezingxoxo esibe nazo ngaphambilini. Kodwa uma uqinisile
ngalokho okushoyo, kulungile ndodakazi, asikwazi
ukukuphoqelela entweni ongayifuni. Into nje ukuthi umndeni
wakwaZitha siyawazi. Yingakho sibone ukuthi …
MaMhlongo: Uthi ngikuzwa kahle nje Dube? Uvumelana noDumazile?
Wazini uDumazile ngothando? Umlungu ungumdwebi, kahle
Dube ukwedukisa ingane. Ngempela ngubani impumputhe
lapha?
Dube: MaMhlongo, asikwazi ukuphoqelela ingane entweni
engayifuni. Yimpilo yakhe le. Uma efuna ukuchitha impilo
yakhe noDirk, singobani thina ukumkhethela? Cha nkosikazi,
angivumelani nawe kulokho. Sizamile ukumeluleka kodwa
ekugcineni, isinqumo ngesakhe.
Amagama: humusha: Amagama: humusha:
-xabana _________________ -khula _______________
-hlazisa _________________ - zwisisa _______________
-hlonipha _________________ -belesela _______________
ukuzithoba _________________ -hlupheka _______________
-sanganisa _________________ ilobolo _______________
Amagama: humusha: Amagama: humusha:
5