Page 5 - Zulu Grade 12
P. 5

ukuthi silungisela umndeni wakwaZitha.  Unesibindi

                                         ukungitshela ukuthi wena nalo Dirk wakho, nenzani?
                                         Awunazindlebe yini, asikutshelanga ukuthi khohlwa ngalo Dirk

                                         wakho?
                   Dumazile:             Mama, ngiyamthanda uDirk.  Angisazi ukuthi kufanele

                                         ngichaze kanjani?  USibaya angimazi ukuthi ungumuntu
                                         onjani.  Ngiyavuma ukuthi sikhule sonke kodwa kimina ufana

                                         nomfowethu, anginalo uthando lwakhe.  Ngithanda uDirk,

                                         ungusofa silahlane wami.  Ngiyacela mama ukuthi uzwisise.
                   MaMhlongo:            Nayi ingulube inginonela bo!  We Dumazile!  Ukhuluma

                                         nobani kanjalo?  Wazini  wena ngothando?  Okokuqala nje, lo

                                         Dirk osibelesela ngaye, umndeni wakhe uyazihluphekela nje.
                                         Uma ucabanga, uzolikhokha ngani ilobolo njengoba

                                         kungabonakali nokuthi usebenzani?
                   Dumazile:             Mama, uDirk ungumdwebi futhi uyaphila ngalowo msebenzi.

                                         Okubalulekile ukuthi uyawuthanda lo msebenzi futhi
                                         uyamjabulisa.  Ukumbona ejabulile, kuyangijabulisa.

                   MaMhlongo:            We Nkosi yami, ngivelelwa yini kodwa?  Singakufundisa,

                                         sikhiphe imali eshisiwe kangaka bese wena uzosilethela
                                         isihlupheki lapha?  Hhayi bo Dumazile, wothi uyadlala

                                         mntanami.  Ngempela asizuvuma ukuthi ushade lesi sichaka
                                         sakho.

                   Dumazile:             Ngiyaxolisa-ke mama kodwa inhliziyo yami ikuDirk futhi….
                   MaMhlongo:            (emngena emlonyeni, uyavevezela ngenxa yentukuthelo)

                                         Dumazile! Phuma, ngingaze ngisho amagama abuhlungu.


                   [kusenjalo, kungene uDube, ubaba kaDumazile]

                   Dube:                 Hhawu, ngowani umsindo ongaka?  Bazothini abasemzini

                                         ukuzwa lo msindo?  Kwenzenjani MaMhlongo?
                   MaMhlongo:            Buza uDumazile, unkosikazi Wright?

                   Dube:                 Ngubani-ke lowo manje?
                   MaMhlongo:            (Ngokubhuqa) Hawu, kanti awazi ukuthi indodakazi yakho

                                         isishadele kwaWright?  Ngikhuluma amanga Dumazile?
                                         Uthuleleni, chazela uyihlo.

                                                            4
   1   2   3   4   5   6   7   8   9