Page 4 - Zulu Grade 12
P. 4
- Kubazali bakho – indlela okhuluma ngayo ihlukile kunendlela okhuluma
ngayo entombini / esokeni lakho.
- Kugogo nomkhulu – indlela okhuluma ngayo ihlukile kunendlela okhuluma
ngayo kubangane bakho.
- Ebantwini olingana nabo nabantu abadala – okukhulumayo
nokukhulumayo kuhlukile futhi kuya ngokuthi lowo muntu umjwayele
kangakanani.
Okuhle ngothando – ukuba nabantu owaziyo ukuthi bayakuthanda –
lokhu kusho lukhulu empilweni yakho.
- Ubona impilo yakho iphelele ngokwazi nje ukuthi kukhona abantu
abakuthandayo.
Okubi ngothando – uma abantu bangacabangi ngaphambi kokwenza
izinto.
- Ekugcineni kuba khona abantu abaphukayo emoyeni/ emphefumulweni
ngenxa yothando kanti abanye bagcina ngokushona ngoba kuthiwe
wuthando!
ISIFUNDO 2: ISIFUNDO SOKUQONDISISA:
UMPHUMELA WOKUHLOLWA 2: UKUFUNDA NOKUBUKELA.
[Namhlanje nguMgqibelo. Umndeni wakwaDube uvakashelwa ngumndeni
wakwaZitha. UDumazile uyaxabana nabazali bakhe. Uthandana noDirk kodwa
abazali bakhe bafuna ashade uSibaya]
UMaMhlongo: Dumazile, usulungile yini? Isikhathi sihambile, noma kunini
bazofikwa abakwaZitha. Angifuni nje usihlazise. Ukhumbule
ukuthi ubaba wakho uyaziwa emphakathini.
Dumazile: Mama, ngenhlonipho nokuzithoba, ngishilo nje ukuthi
angizubakhona uma kufika umndeni wakwaZitha. Mina
noDirk …
MaMhlongo: (emngena emlonyeni) Hheyi wena Dumazile, ungafuni
ukungisanganisa. Njengoba besilungisa kanje, wazi kahle
3