Page 4 - Zulu Grade 12
P. 4

- Kubazali bakho – indlela okhuluma ngayo ihlukile kunendlela okhuluma

                       ngayo entombini / esokeni lakho.
                       - Kugogo nomkhulu – indlela okhuluma ngayo ihlukile kunendlela okhuluma

                       ngayo kubangane bakho.
                       - Ebantwini olingana nabo nabantu abadala – okukhulumayo

                       nokukhulumayo kuhlukile futhi kuya ngokuthi lowo muntu umjwayele

                       kangakanani.
                         Okuhle ngothando – ukuba nabantu owaziyo ukuthi bayakuthanda –

                          lokhu kusho lukhulu empilweni yakho.
                       - Ubona impilo yakho iphelele ngokwazi nje ukuthi kukhona abantu

                       abakuthandayo.

                         Okubi ngothando – uma abantu bangacabangi ngaphambi kokwenza
                          izinto.

                       - Ekugcineni kuba khona abantu abaphukayo emoyeni/ emphefumulweni
                       ngenxa yothando kanti abanye bagcina ngokushona ngoba kuthiwe

                       wuthando!




                   ISIFUNDO 2:           ISIFUNDO SOKUQONDISISA:
                   UMPHUMELA WOKUHLOLWA 2:                    UKUFUNDA NOKUBUKELA.


                   [Namhlanje nguMgqibelo.  Umndeni wakwaDube uvakashelwa ngumndeni

                   wakwaZitha.  UDumazile uyaxabana nabazali bakhe.  Uthandana noDirk kodwa

                   abazali bakhe bafuna ashade uSibaya]


                   UMaMhlongo:           Dumazile, usulungile yini?  Isikhathi sihambile, noma kunini

                                         bazofikwa abakwaZitha.  Angifuni nje usihlazise.  Ukhumbule

                                         ukuthi ubaba wakho uyaziwa emphakathini.
                   Dumazile:             Mama, ngenhlonipho nokuzithoba, ngishilo nje ukuthi

                                         angizubakhona uma kufika umndeni wakwaZitha.  Mina
                                         noDirk …

                   MaMhlongo:            (emngena emlonyeni) Hheyi wena Dumazile, ungafuni
                                         ukungisanganisa.  Njengoba besilungisa kanje, wazi kahle



                                                            3
   1   2   3   4   5   6   7   8   9